UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi uphenya izinsolo zezikole ezimbili esifundeni iLembe noMlazi ezisebenzisa induku kubafundi.
UMnyango uyalugxeka noma yiluphi uhlobo udlame nokuphathwa kabi kwabafundi, uthi ukushaywa akunandawo ezikhungweni zokufunda.
Izikole okukhulunywa ngazo zombili iHlangabeza neKwaMgaga High Schools.
Inhlangano yothisha iNational Professional Teachers' Organisation of South Africa isinxuse uMnyango ukuthi uphendule labo abathintekayo.
"Ukujeziswa ezikoleni zethu kuzoba nomthelela emiphakathini enodlame esiphuma kuyo futhi othisha, okubaluleke kakhulu, bayisibonelo kubafundi bethu abasebasha futhi banomthwalo wemfanelo wokubabumba babe izakhamuzi eziqotho," kusho okhulumela i-KZN, uThirona Moodley.
UMnyango uthi ukujeziswa kwabafundi ngokushaywa kuzokhuthaza udlame kuphela njengesixazululo ezinseleleni.”
Funda isitatimende esikhishwe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngezansi:
![]() |
0 Comments