Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kutholakale isidumbu sowesilisa emfuleni uMvoti ogcwele izingwenya

 


Kutholakale isidumbu sowesilisa emfuleni uMvoti ogcwele izingwenya

Amalungu e-IPSS Security Services abike ukuthi abone isidumbu emfuleni uMvoti ngesikhathi ezulazula eStanger.

Kukhishwe isidumbu sowesilisa emfuleni uMvoti ogcwele izingwenya eKZN [VIDEO]

Okhulumela i-IPSS, uSamantha Meyrick, uthe ngenxa yokugeleza komfula nokukhanya okunciphayo, kuthathwe isinqumo sokuthi kubuyelwe ngoLwesithathu ekuseni.

“Le IPSS Search & Rescue neBadul Air, ifune umfula uMvoti isemoyeni, yasheshe yakwazi ukubona isidumbu ezansi nomgwaqo u-N2 kanye nabakwadukuza Saps bakwazi ukusabela kule ndawo.9

“I-Croc (i-inflatable raft) yethulwe, inabatakuli ababili, abakwazile ukugwedla behla nomfula baphinde bakhipha isidumbu. I-Croc iqhubekile nokuhamba yehla ngomfula, lapho kwahlangatshezwa khona izimoto zakwaSaps ne-IPSS ,” kusho uMeyrick.

UMeyrick uthe isidumbu sale ndoda besingakahlonzwa.

“Isidumbu akwaziwa okwamanje ukuthi esikabani, kade sahlala emfuleni nezingwenya.

“Amalungu omndeni wowesilisa okubikwa ukuthi udukile emasontweni amabili edlule emfuleni uMvoti afika kumphathi wethu wezokuphepha – abikelwa ukuthi isidumbu sesiphumile sase sinikelwa Kwadukuza Saps. Sidlulisa amazwi enduduzo kubangani nomndeni kamufi,” kusho uMeyrick.








Post a Comment

0 Comments