Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala udutshulwe ehamba nesoka lakhe nendodana yakhe eneminyaka emihlanu
UMihlali Sonkwele, 25, wadutshulwa wabulawa ngesikhathi ehamba nomndeni wakhe e-Orange farm Ext 2, Park, ngomhlaka-10 January 2025.
Kusolakala ukuthi uMihlali ubehamba nendodana yakhe eneminyaka emihlanu ubudala kanye nesoka lakhe ngesikhathi amadoda amabili angaziwa efika kulezi zithandani avulela ngenhlamvu.
UMihlali wadutshulwa amahlandla amaningi, washonela endaweni yesigameko
.Isoka lakhe nomakhelwane obedlula ngendlela nabo balimele ngesikhathi sokudubula. Baphuthunyiswe esibhedlela.
Akukaboshwa muntu okwamanje.
Umthombo: Women For Change
0 Comments