Namuhla ekuseni, ngomhla ziyisi-6 kuMasingana, abezimo eziphuthumayo kanye namathimba kaMasipala wase-Alfred Duma abeFire and Rescue baphendule ngesikhathi kushayisana ibhasi neloli ku-N3 eduze komgwaqo uColenso endaweni yase-Emnambithi/Ladysmith esifundazweni saKwaZulu-Natal.
IMenenja ye-ER24 Branch Operations, uZiyaad Warasally, utshele abeLadysmith Herald ukuthi abagibeli bebegibele ibhasi ngesikhathi sengozi.
Imibiko iveza ukuthi ibhasi lishayise ngemuva kweloli emgwaqweni onguthelawayeka. Abanye abagibeli bebevaleleke kule ngozi kwadingeka ukuthi bakhishwe ngamathimba abatakuli.
Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1EuGBJ4jgR/?mibextid=oFDknk
0 Comments