Owesifazane waseKhayelitsha “ubulawe yisoka lakhe ngokugqoka iBumshot olwandle
UPhindiswa 'Toshi' Mpomposhe waseKhayelitsha "ubulawe yisoka lakhe ngokugqoka iBumshot olwandle.
UPhindiswa, udadewabo kanye nabangani bakhe kanye nesoka lakhe baya olwandle ngomhlaka-31 December 2024.
https://m.youtube.com/shorts/Tw7fOri0Sxs
Kwaqubuka ingxabano ngesikhathi eshintsha impahla ayeyigqokile -wafaka iBum short ayeyibolekwe ngudadewabo,kuthiwa isoka alibathandanga uma sebeshintshe izimpahla ngoba "babeveza umzimba kakhulu"
Kuthiwa kwakhulunywa kwazwanwa, sebethi iphelile Ingxabano futhi konke kuhamba kahle kodwa isoka lalinamanye amacebo. Lamgwaza washona ngesikhathi sebebuyela ekhaya.
0 Comments