Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kukhalwa ngomhlengikazi wesilisa ocathamela abafana abancane abasuke bengeniswe esibhedlela

Umhlengikazi wesilisa uboshwe ngemuva kokubanjwa nengane yesikole ehlathini.

Amalungu omphakathi athi abone imoto kamsolwa epaka njalo endaweni eyodwa inezingane ezehlukene ezigqoke imifaniswano yesikole.

Umhlengikazi wesilisa(48) ubudala wasesibhedlela esizimele eSprings, Ekurhuleni uboshiwe ngemuva kokubanjwa emotweni yakhe nomfana wesikole egqoke umfaniswano ngesikhathi sokufunda ngoLwesithathu.

Iqulu labagijimi lifice umsolwa nomfana besekujuleni kwehlathi. Ukutholakala kwalokhu kuholele ekutheni kube nezinsolo zokunukubezwa ngokocansi kwabafana ababili baseDuduza.

UThembi Mashego, ohlala kule ndawo, uthe Izakhamizi zibone imoto eyodwa ime kule ndawo, ihlale inezingane ezehlukene ezigqoke umfaniswano wesikole.

“Siye kumshayeli kodwa asigculisekanga ngalokho abekusho sabe sesinquma ukubiza amaphoyisa okuyilapho eboshelwe khona endaweni yesigameko,” usho kanje.

Izisulu ezimbili, ezingabangani, zitshele amaphoyisa ukuthi zadlwengulwa futhi zahlukunyezwa ngokocansi ngumsolwa.

Ebuzwa ngamalungu omphakathi umsolwa uthe ubemazi omunye wabafana njengoba ebemelapha esibhedlela. 

“Mina ngiyinyanga, ngiyakhuleka ngeluleka abafundi akukho okunye,” usho kanje.

Imithombo ithi umsolwa wanikeza abafana imali yocansi.

Isishoshovu somphakathi uNomthandaza Ngwenya ucele ukuba umsolwa agcinwe ejele aphucwe nezincwadi zobuhlengikazi.

“Kuyacaca ukuthi ucathamela abafana abancane abangeniswe esibhedlela, ngeke sibukele silinde aze anukubeze enye ingane,” kusho yena.

UWarrant Officer Majang Skalkie wamaphoyisa ase-Ekurhuleni uthe baphenya amacala amabili okudlwengula nawokunukubeza ngokocansi.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNigel ngoLwesihlanu.




Umthombo: https://izindaba.scrolla.africa/kuboshwe-umhlengikazi-wesilisa-ngokudlwengula-izingane-zesikole-esprings/?fbclid=IwY2xjawIb1F1leHRuA2FlbQIxMQABHaqG2NfYKsKrkRlW-65UalBKeRlyDOmfBh3DG1Hh1KJDVxCH8zDearIJWg_aem_7rsu9NdSZmfLVwMR9Lt2jQ

Post a Comment

0 Comments