Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Umfana (9) ofunda uGrade-4 unesifo se-hygroma esibangela ubuso bakhe buvuvuke

Umfana oneminyaka engu-9 ubudala waseBergville, ofunda uGrade-4 unesifo esibizwa nge-hygromae sibangela ukuthi ubuso bakhe buvuvuke. 

Umfana omncane uphethwe yisifo esibi kakhulu nesingelapheki kanti sesehlule odokotela abaningi. 

UNksz Ntombifuthi Khumalo waseBergville kwaDukuza ucela usizo emphakathini ukuze atholele usizo umfana wakhe oneminyaka engu-9 ofunda uGrade 4, onesifo esibizwa nge-hygroma lapho uhlangothi olulodwa lobuso lubukeka luvuvukele sengathi lukhulu kunolunye, futhi lubonakala luwa luba mnyama.

Lokhu kusabalele nasonyaweni ohlangothini olulodwa, olukhulu kunolunye nokuholele ekutheni engakwazi ukugqoka izicathulo ezijwayelekile. 

UNtombifuthi uthi umfanyana wakhe uhlaselwe yilesi sifo enezinyanga ezintathu ubudala kanti sebeye ezibhedlela njengeNkosi Albert Luthuli eThekwini naseGreys Hospital eMgungundlovu kodwa lutho ukusizakala. 

Lezi zindaba zivele emsakazweni Ukhozi FM ohlelweni lwasekuseni namuhla, kwingosi kaThuleleni ebizwa ngokuthi #EzweniSakhile 




Buka ividiyo ngezansi:

Umthombo: Thulelen TV - https://www.facebook.com/share/v/1BnczH5hrg/

Post a Comment

0 Comments