Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Iziguli sezilala zingagezile esibhedlela saseMlazi ngenxa yokungabibikho kwamanzi


Iziguli sezilala zingagezile esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlazi ngenxa yokungabibikho kwamanzi. 

Kunzima ezigulini nakubasebenzi basesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, njengoba kuthiwa sekuzophela amasonto amabili amanzi engekho, okwenza iziguli zihlale izinsuku zingageziwe.

Iphephandaba ILANGA lithole ngomthombo walo ongaphakathi esibhedlela ukuthi isimo sibi kakhulu, abasebenzi basesibhedlela baphoqeleka ukuthi balethe amanzi athengiwe, iziguli zilethelwe imindeni yazo kanti abanye bawathutha emathangini akulesi sibhedlela bawahambise emawodini adingeka kuwo.

“Sekunesikhathi amanzi engekho lapha esibhedlela ngoba ngibuye eholidini ekuqaleni kwesonto eledlule kwathiwa awekho, ezinsukwini ezimbili ngibuya iziguli ewadini engangisebenza kulo zazilala zingagezile, isimo sasinzima njengoba ewodini lalabo ababekhulelwe omama bezingane babethutha amanzi.

ILANGA livakashele kulesi sibhedlela ngoLwesihlanu liyozibonela, lithe lingena esangweni, likhangwe yizindlu zangasese ezingomahamba nendlwana. Onogada bakulesi sibhedlela babatshele ukuthi baphelelwe amanzi, asetshenziswa abasebenzi basesibhedlela neziguli.

Udaba olugcwele ku https://ilanganews.co.za/zilala-zingagezile-iziguli-emshiyeni-kuhlasela-inkinga-yamanzi/?fbclid=IwY2xjawIYKmhleHRuA2FlbQIxMQABHRJBeeNhETv8VuFcAXW9UhgH_mnGdhJ7EXPtQXPJRrLJmOiJ8cVsWsppZg_aem_EcwgVIojEYeNoymJPvCzjQ



Post a Comment

0 Comments