UThato Mokonotela oneminyaka engu-29 ubudala wagwazwa ngowesilisa amaziyo ongumakhelwane mhlaka 5 Febhuwari 2025, kwathi ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela.
UThato Mokonotela ushonele esibhedlela iPholosong Regional Hospital.
Umakhelwane kaMokonotela, uSimphiwe Mokoena, ubone lesi sigameko senzeke egcekeni lakubo wazama ukufonela abanye omakhelwane ukuze bathole usizo.
Uthe ngezithuba zabo-21:30 ngoLwesithathu olwedlule, uMokonotela wafika ekhaya nendodakazi yakhe encane wafica umgqomo kadoti ngaphandle kwesango labo.
“Wawususa kahle umgqomo wawubeka eceleni kwesango ukuze akwazi ukupaka imoto yakhe ngaphakathi egaraji ngesikhathi lo mlisa efika kuyena ecasukile mayelana nokukhishwa komgqomo wakhe.
“Baxabana isikhathi eside uMokonotela echaza ukuthi kungani esuse umgqomo. Umlisa wahamba waya endlini yakhe ngesikhathi uMokonotela engena egaraji.
“Lo mlisa wabuya esephethe into ecijile ethuka inhlamba, ethukuthele. Ingxabano yabo iqhubekile.
“UMokonotela wayehleli othangweni ngesikhathi bexabana ezama ukugxumela phezu kwalo nokuyilapho omunye umsolwa emgwaze khona amanxeba amaningi.
“Ukwazile ukudonsela kuye uMokonotela eqinisekisa ukuthi uzomehlula nokuyilapho amgwaze khona amahlandla ambalwa ethangeni eduze nendawo yangasese,” kuchaza uMokoena.
UMokoena uthe uMokonotela uwele egcekeni wagaqa ngasemnyango eyobikela umama wakhe ngokuhlangana kwakhe.
Wachaza ukuthi uMokonotela wayesopha kakhulu, ethi waphuthuma wayovula isango ukuze abambe indodakazi kaMokonotela eneminyaka eyisishiyagalombili eyayisemotweni ibukele okwenzekayo.
“Ngathatha indodakazi yakhe ngaya nayo endlini yami ukuze ingaboni ukuthi kuzokwenzakalani ngokulandelayo. Amazwi akhe okugcina kuyise athi “baba, ngicela ungafi” futhi lokho bekulokhu kunkenteza ekhanda lami kusukela ngaleso sikhathi.
“Owesilisa ombukele ubukise emgwaqweni ezitusa ngalokho akwenzile. UMokonotela uphuthunyiswe esibhedlela kodwa ngeshwa kwathiwa useshonile ngemuva kwemizuzu efikile.”
Unina kamufi uNelani Mavimbela ubalule ngenhliziyo ebuhlungu ukuthi ukhumbula indodana yakhe.
“Ngalolo suku kusihlwa uThato wabuyela ekhaya nendodakazi yakhe ngemuva kokuthola ucingo oluvela kuyo imtshela ukuthi iyamkhumbula. Indodana yami yayiyithanda indodakazi yayo futhi iphilela yona. Ngakujabulela ukumbona ethanda indodakazi yakhe kangako. Ubengenza noma yini ukuze ambone ejabule.
“Ngilahlekelwe umngane wami, indodana yami eyinhloko, umuntu ozikhandlayo ewuthanda umsebenzi wakhe. Indodana yami yayiwuthanda umndeni wayo.
“Indodakazi yakhe izomkhumbula kakhulu. Angazi ukuthi sizoqhubeka kanjani nokuphila ngaphandle kwakhe. Ubeyikho konke kithina,” kuchaza unina.
Uqhube wathi indodana yakhe iyisibusiso esikhulu kuye, wathi ubecabanga ukuthi indodana yakhe iyona ezomngcwaba.
Uthe okubuhlungu kakhulu azokwenza wukuhlela umngcwabo wendodana yakhe.
“Ubemamatheka nangaphezulu uma enabangani bakhe, ubengumuntu othanda impilo, ubephumelela empilweni futhi muva nje uthole ukukhushulelwa emsebenzini nokuyinto abeyithokozela. Wayebheke emadlelweni aluhlaza kodwa ngeshwa waphucwa lelo thuba.
“Ngithandazela ukuthi uNkulunkulu anikeze indodakazi yendodana yami amandla nolwazi ukuze iphumelele,” enezela.
Ufunela indodana yakhe ubulungisa, esho nokuthi zonke izinkathazo zakhe uzinike uNkulunkulu.
Okhulumela amaphoyisa esifundeni sase-Ekurhuleni uCaptain Neldah Sekgobela usiqinisekisile lesi sigameko.
“Ngezithuba zabo-01:00 ngoLwesine ekuseni, amalungu e-Tsakane SAPS athole ucingo oluvela esibhedlela iPholosong Reginal ebazisa ngokushona kwakhe.
“Baqhubekele esibhedlela. Ngesikhathi befika bakhonjiswe owesilisa eshonile egwazwe kanzima,” kusho uSekgobela.
Uma kuqhubeka uphenyo kwavela ukuthi umufi wagwazwa ngomunye umlisa abebazana naye ngesikhathi kunengxabano ekhaya lika mufi ngenxa yomgqomo kadoti.
"Umsolwa uboshiwe wagqunywa esitokisini samaphoyisa aseTsakane," kwengeza uSekgobela.
Umthombo: https://www.citizen.co.za/african-reporter/news-headlines/local-news/2025/02/14/young-man-loses-his-life-in-senseless-attack-2/
0 Comments