Owesilisa udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa emotweni yakhe ngesikhathi ehamba namalungu omndeni bebuya emngcwabeni.
ULulamela Dyantyi, waseLungwini KwaMxhaka eMamolweni edolobheni laseNqeleni, udutshulwe wabulawa ngeledlule, okusolakala ukuthi ubulawe ngamaphoyisa.
Lomlisa wayehamba nomndeni wakhe okubalwa nonina, uNombeliso Dyantyi, abebephuma emngcwabeni welungu lomndeni ngesikhathi bevinjwa ngamaphoyisa.
Lesi sigameko esishaqisayo senzeke ehlathini laseQhokama eNgqeleni.
Ekhuluma nentatheli yephephandaba uNombeliso ongunina wengane uthe: “Besisanda kushiya ithuna lasekhaya, inkungu isisibekele. Sithe sisehlathini eQhokama, kwaqhamuka imoto eyayisilandela ngemuva yazama ukusivimba.
Bathi bezama ukuma kwakhala inhlamvu iqonde ngqo kumshayeli yamshaya ngemuva kwendlebe washona ujuqu.
Emuva kwalokho imoto yabo iToyota Fortuner yaphahlazeka nabo, yaze yama ibanjwa yizihlahla.
Babefuna ukuqonda ukuthi kungani bedutshulwa, abazange bathole izimpendulo ngokudutshulwa kwabo ngamaphoyisa.
Uphatheke kabi uyise kaLulamela Mthobeli Dyantyi, kubukeka njengoba ephukile emoyeni, ubona kuwubulwane nobugebengu ukubulawa kwengane yakhe ngaphandle kwencazelo efanele yamaphoyisa.
Omele iNdlu yeNkosi uJongisebe Gwadiso uthe, "Akekho ofuna ukubhekelela izinhlelo zomngcwabo ikakhulukazi amaphoyisa, umndeni uwa uvuka wodwa."
UPhaladi Shuping, okhulumela amaphoyisa e-IPID esifundazweni sase-Eastern Cape uthe, “Siyaphenya ngalesi sigameko, uma kukhona ophule umthetho uzobhekana nengalo yomthetho,” usho kanje.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/15pUYz8aEg/



0 Comments