Umndeni ucela ukufuniswa owesilisa owaziwa ngelikaBarman owagcina ukubonakala ngesikhathi eshaywa abashayeli baseRenki yamatekisi yakwaMakhutha ngeSonto.
Kudingeka usizo lomphakathi ukuze kutholwe owesilisa wokugcinae bonakale ngeSonto erenki yaKwa Makhutha eRussell ngezithuba zabo-7 ebusuku.
Abambona bathi wagcinwa eshaywa ngabashayeli bamatekisi eRenki yakwaMakhutha eThekwinin galezo zikhathi.
Wayegqoke ijezi lebhola elimhlophe (Leon), ibhulukwe elimnyama namaVans amnyama amateku.
Waziwa kakhulu ngokuthi uBarman kanti igama lakhe langempela nguNhlakanipho "Bhabha" Nzama.
Kuyacelwa obone lesi sigameko, noma ubani okungenzeka ukuthi wezwa noma yini ngaye angathintana nomndeni wakhe ku 078 412 8599 noma 071 776 5097.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/15sXittvDx/
0 Comments