Kushone owesilisa ngemuva kokuthi imoto abehamba ngayo ingene ngaphansi kweloli engozini eyenzeke ku-Edwin Swales Drive eThekwini
Imoto yakhe ingene ngaphansi kweloli ngesikhathi ishayisana ku-Edwin Swales Drive ngoMsombuluko ekuseni.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS uGarrith Jamieson uthi izicishamlilo zisebenze ukukhulula umshayeli nomgibeli wakhe kule ngozi.
"Imoto encane ibinabagibeli ababili, abatholwe bevaleleke kanzima. UMnyango wezezicishamlilo weTheku usize abe-ALS Paramedics ukuthi bakhulule la madoda."
UJamieson uthi umshayeli ushonile.
“Ngebhadi abezimo eziphuthumayo bathole ukuthi umshayeli, owesilisa oneminyaka eko-30 ubudala, ubelimele kakhulu futhi akukho abezimo eziphuthumayo abebengamsiza ngakho, kuthiwa ushonele endaweni yesigameko.
"Umgibeli, naye ongowesilisa oneminyaka eko-30 ubudala, utholakale esesimweni esibucayi kanti uzinzile endaweni yesigameko ngabezimo eziphuthumayo ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela."
Imbangela yengozi ibingakaziwa kodwa amaphoyisa abekhona endaweni yesigameko.
0 Comments