Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Owesilisa (22) ubulale unogada ethaveni kubangwa u-R5 we-snukha

Owesilisa oneminyaka engu-22 ubudala ubulale unogada ethaveni kubangwa u-R5 ngesikhathi somdlalo we-snukha (pool) 

Umsolwa uzovela enkantolo maduze ngecala lokubulala

Owesilisa oneminyaka engu-22 ubudala uboshwe ePhilippolis eFree State ngoMgqibelo ngecala lokubulala unogada endaweni yokucima ukoma.

Ngokusho kukaSergeant Martin Xuma, okhulumela amaphoyisa esifundazweni, isigameko senzeke ngezithuba zabo-01:00 ngesikhathi somdlalo we-snukha (pool) .

UXuma uthe umufi nomsolwa kusolakala ukuthi baxabana bebanga u-R5 ngesikhathi somdlalo. "Kusolakala ukuthi umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala uphule ibhodlela wagwaza isisulu esineminyaka engu-22 emqaleni. Isisulu siphume endaweni yokucima ukoma satholwa sidindilize endleleni ngaphandle nje.," kusho uZuma, wengeza ngokuthi amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko athola isidumbu somufi ngaphandle kwethaveni.

Kuavulwe icala lokubulala ukuze kuphenywe. Umsolwa walandelwa umkhondo ngosizo lomphakathi wabe eseboshwa.

Post a Comment

0 Comments