Ugwetshwe iminyaka engu-10 uHlobisile Mdlalose ngokuqola abantu kuFacebook ngokudayisa izindlu ezingekho e-Eastern Cape.
Umthengisi wezindlu ugwetshwe iminyaka engu-10 ebhadla ejele kulandela ukulahlwa ngamacala okukhwabanisa nokushushumbisa imali e-Eastern Cape.
UHlobisile Mdlalose, 42, ugwetshwe eNkantolo yeMantshi yaseMthatha ngoLwesihlanu, esikhathini esingaphezu konyaka eboshiwe eGoli ngoSepthemba 2023.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Ndiphiwe Mhlakuvana uthi ngoJulayi 7, 2022, ummangali wabona isikhangiso ku-inthanethi sendlu edayiswa eNewtown, eLusikisiki.
Uthi ushayele inombolo esesikhangisweni wakhuluma noNksz Mdlalose owathi akakhokhe wamthumelela nesicelo sokuthenga nge-email.
Isisulu sathola isicelo sokuthenga sase sisayinda ngalo lolo suku.
U-W/O Mhlakuvana uthi abameli bathinte isisulu, sacela amaphepha aso omthetho iFinancial Intelligent Centre Act (FICA).
Uthe uma amaphepha esecutshunguliwe, isisulu sathola enye i-imeyili enemininingwane yasebhange ye-akhawunti yakwaNedbank, kwathiwa akakhiphe u-R650 000.
Isisulu sabona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesikhathi abameli bemtshela ukuthi abakaze bayithole inkokhelo nokuthi i-akhawunti yakwaNedbank ayihlangene nefemu yabo.
Ithimba loKlebe elizinze eBizana likwazile ukuthungatha uMdlalose eGoli nokuyilapho aboshwa khona.
UW/O Mhklakuvana uthi kulandela ukuboshwa kwakhe, udluliselwe eNkantolo Yamacala Ezohwebo eMthatha Specialized Commercial Crimes, nokuyilapho adedelwa khona ngebheyili ka-R8 000.
Uthi uvele kaningi enkantolo kwaze kwaba uyagwetshwa ngoLwesihlanu engazange akhokhe inhlawulo.
Umthombo: https://www.algoafm.co.za/local/real-estate-agent-slapped-with-10-year-prison-sentence?fbclid=IwY2xjawIgH1hleHRuA2FlbQIxMQABHfefwlaX62MBbp_kET4pqMvAA-bozn5uAVaCKZVzSSWxBtEIBIpYolULIg_aem_8fu0iiPC4-quLeFshFkoKQ
0 Comments