Kushone owesifazane oyedwa kwathi abanye balimala ngesikhathi kudunwa imoto yemali ku-N2 ngaseHigginson Highway
Kushone owesifazane oyedwa kwadutshulwa kwalimala inqwaba yabantu okuhlanganisa nonogada abathathu bemoto ekhokhelwayo esigamekweni sokudunwa kwemoto yemali emgwaqeni onguthelawayeka u-N2 ngaseHigginson Highway eningizimu yeTheku namhlanje ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo babike ukuthi abanye abathole amanxeba okudutshulwa bekungamalungu omphakathi adutshulwe ngesikhathi izigebengu zizama ukubaleka.
Abezindaba beGagasi FM bathole ukuthi ngesikhathi izigebengu zibalekela endaweni yesigameko, zizame nokuduna izimoto zabanye abantu, ukuze zibaleke nazo, kwalimala abantu okubalwa nowesifazane odutshulwa washona.
0 Comments