Kulimale izingane zesikole ezingu-8 engozini yemoto ngesikhathi ziya esikoleni eNew Germany
Izingane zithole ukulimala zalashelwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba ziphuthunyiswe esibhedlela namhlanje ekuseni.
KULIMALE izingane eziyisishiyagalombili ebeziya esikoleni ekuseni (ngoLwesibili, Febhuwari 18) ngesikhathi imoto ebezihamba ngayo ishayisana nenye.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS, uGarrith Jamieson, uthe abosizo lokuqala baphendule engozini eyenzeke kuCoventry Road ngaseSaunder Road eNew Germany ngemuva nje kuka-07:00 ekuseni.
“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola izimoto ezimbili zishayisane mahlanze. Enye imoto ibithwele izingane zesikole ziya esikoleni.
"Kubizwe ama-ambulensi amaningi kanye nabe-Advanced Life Support Paramedics ukuzosiza njengoba kulimale izingane eziningi."
Ziyisishiyagalombili izingane okubikwa ukuthi zithole imihuzuko ehlukene. Bazinzile endaweni yesigameko ngabe-ALS Paramedics ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini.
0 Comments