Ingane enezinyanga ezine-4 yathunjwa ekhaya kubo ezinyangeni ezintathu ezedlule, namanje ayitholakali
UThingoluhle Shozi onezinyanga ezine-4 ubudala wathunjwa ekhaya kubo eChatsworth ezinyangeni ezintathu ezedlule, namanje akakatholakali.
Ufuna ukuthola izimpendulo umndeni waseChatsworth ngemuva kokuthunjwa kwengane yawo enezinyanga ezine, uThingoluhle Shozi, emzini wayo ezinyangeni ezintathu ezedlule.
Ngokusho kwezihlobo, usana luthathwe amadoda amabili angaziwa, kuze kube manje akukaze kutholakale umkhondo walo. Ngesikhathi enyamalala uThingoluhle wayegqoke i-romper empunga.
Umndeni unxusa umphakathi nganoma yiluphi ulwazi olungasiza ekutholeni ingane yawo.
“Sinenhliziyo ebuhlungu futhi silangazelela ukumthola. Sicela uma kukhona okubonile noma okuzwile asazise,” kusho ilungu lomndeni.
Kunxuswa ongaba nolwazi ukuthi athinte ku-083 429 3635 noma abike esiteshini samaphoyisa esiseduze.
0 Comments