Abasebenzi basemtholampilo iChiawelo eSoweto ngoLwesibili ekuseni bavimbele iziguli ukuthi zingene, bethi besabela izimpilo zabo ngemuva kokugetshengwa kulesi sikhungo.
Isakhamuzi sithe abalisa abalelwa ku-10 abebezenza onogada bagasele emtholampilo ngezithuba zabo-01:00 bashaya baphuca udokotela u-R1 000. Abasebenzi bezimo eziphuthumayo nabo babanjwe inkunzi.
Unogada obengekho emsebenzini uthe: “Onogada abebeqaphile izolo ebusuku bathe bebengasoli lutho ngesikhathi abasolwa bengena emtholampilo njengoba bebejwayele ukuthi kungene abaqaphi.
Abasebenzi bavale umnyango, benqabela ukungena kweziguli.
“Basitshele ukuthi ngeke basisize ngoba besabela izimpilo zabo ngoba abasebenzi babo babanjwe inkunzi bekhonjwe ngezibhamu,” kusho isiguli uNompi Maziya.
“Bathe izigebengu zathatha amaselula, izikhwama zemali nodokotela oyedwa washaywa.”
Esinye isiguli, uDumisani Sithole, uthe akaqondi ukuthi kungani abahlengikazi bengafuni ukusebenza.
“Ngihlale amahora amane ngiyohlolwa base bethi asilinde ikhansela likhulume nathi. Basitshela ukuthi lezi zigebengu ziphinde zeba imishanguzo futhi zizovala indawo yezimo eziphuthumayo ngoba aziphephile futhi azikwazi ukuqhubeka nokusisiza,” kusho uSithole.
Umtholampilo uphinde wavulwa ngemuva kwehora leshumi ngemuva komhlangano wabasebenzi.
Umphathi womtholampilo uMaria Mazibuko uthe bazokhipha isitatimende.
Umthombo: SowetanLIVE
0 Comments