Amaphoyisa aseSoweto asekuqinisekisile ukuthi kutholwe izidumbu ezimbili, esowesilisa nesesifazane zivaleleke emotweni emhlophe yohlobo lwe-Hyundai i10 emfuleni ongasemgwaqeni uChris Hani ngasesiteshini samabhasi iLakeview Rea Vaya ngaseSasol Garage eMofolo South,eSoweto.
Imininingwane mayelana nalesi sigameko isahleli ingaqondakali okwamanje.
Izidumbu zezithandani obekubikwe ukuthi zilahlekile zitholwe emfuleni zivaleleke emotweni yazo.
Isikhulu samaphoyisa endaweni yesigameko sikuqinisekisile kwabezindaba ze-JoziFM ukuthi izithandani kubikwe ukuthi zidukile esontweni eledlule kanti elinye lamadokodo lavulwa eMoroka SAPS.
Amanye amalungu omndeni ebesendaweni yesigameko, kuzokwenziwa uphenyo lwamaphoyisa ukuze kutholakale ukuthi ngabe kwenzekeni ngezithandani.
Lesi siphetho esibuhlungu sokuthungathwa kwezithandani ezishiye imindeni yazo ishaqekile futhi ingakholwa.
Kuzokwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu bese kwenziwa olunye uphenyo.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1BpgjDN5J3/








 
 
 
 
 
 
 
 
 
0 Comments