Ngokusho kwesikole, izingane eziyishumi zaquleka ekuseni ngalolo suku okuholele ekutheni kube nenkolelo yokuthi imfene yayithunywe ukuyothakatha.
I-National Council of SPCAs (NSPCA iphenya ngokubulawa ngesihluku kwemfene yesilisa i-Chacma, edume ngelika-“Raygun,” eyajahwa e-Botleng Secondary School eDelmas, eMpumalanga, yashaywa yaphinde yashiswa. Isidumbu sikaRaygun kamuva sacwiywa, izandla, izinyawo, ikhanda nenhliziyo sinqunywe emzimbeni wakhe.
I-NSPCA ihlinzeka ngomklomelo ka-R20,000 kongaba nolwazi oluholela ekugwetshweni ngempumelelo, mayelana nalabo ababandakanyeka ekulimazeni uRaygun kanye nomsuka wevidiyo, futhi inxusa labo abathwebula ukuhlasela ukuba baphumele obala.
Amavidiyo azungeza ku-inthanethi asakazwa kakhulu ngoLwesihlanu, 07 February 2025. Ngaphandle kwamavidiyo, abaphathi besikole bayenqaba ukukhomba labo abathintekayo.
Emuva kokuxoxisana nabaphathi besikole okuyibo ababhekele izingane ezibalelwa ku-1 800 kule ndawo, kuvele ukuthi leli cala ligxile kakhulu ezinkolelweni ezithinta izimfene ezisetshenziswa ukuthakatha.
I-NSPCA yabikelwa ukuthi umphakathi, okusolakala ukuthi yiwo owajaha uRaygun, ucele isikole ukuthi sibazise uma kukhona iziphathimandla ezizama ukuphenya esikoleni ngokufa kukaRaygun.
Uthishanhloko - owahamba eyosusa imoto yakhe ngenxa yesiphithiphithi waphindela ebhilidini lesikole - wenqaba ukusho amagama abafundi abathathu ababonakale bejaha uRaygun ophahleni lwesikole.
Ngokusho kwesikole, izingane eziyishumi zaquleka ekuseni ekuseni nokwaholela ekutheni kube nenkolelo yokuthi imfene yayithunywe ukuyothakatha.
Umphakathi uyavikelana ngazo zonke izindlela, okwenza uphenyo lwe-NSPCA lube nzima ngendlela emangalisayo.
“Sithuthumela ngaleli zinga lonya. URaygun wayefuna inkululeko, endaweni entsha - into eyenziwa yizo zonke izimfene ngokuzenzakalelayo,” kusho uMhloli Omkhulu uDouglas Wolhuter, uMphathi Wophiko Lokuvikela Izilwane Zasendle lwe-NSPCA. "Asikho isilwane okufanele sibekezelele ukuhlupheka nobuhlungu obunjalo".
I-NSPCA ibuyise izinsalela zikaRaygun ukuze zihlolwe.
I-NSPCA izoqala uhlelo olukhulu lokufundisa izingane kanye nabantu abadala ngokufanayo mayelana nemizwa yezilwane, ukuvikelwa kwazo ngaphansi komthetho, nokuthi yini okufanele yenziwe lapho izilwane zasendle zihlangana nazo ezindaweni ezakhiwe. Umgomo wethu uwukuba lokhu kufinyelele kumabonakude nomsakazo, nakuba lokhu kuza ngezindleko ezinkulu.
Noma ubani onolwazi oluphathelene nophenyo angathinta i-NSPCA ku-wild3@nspca.co.za noma ashayele ku-011 907 3590. Lonke ulwazi luyohlala luyimfihlo.
0 Comments