Amaphoyisa aseMnambithi acela ukufuniswa izihlobo zomtwana osesithombeni.
Umntwana ushiywe ubaba wakhe izolo kumama odayisayo e-town, ubaba uhambe ewumuntu oya e-Bank eyokhipha imali, wacela umama amgadele umntwana kwabe ukuhamba kukababa akabange esabuya.
Umama kuze kwashaya isikhathi sokuthi naye ashayise, wase eyihambisa e-Police Station ingane.
Bacela owazi umntwana noma umama womntwana aye e-Police Station ngoba umntwana ulale khona, usasekhona namanje.
Igama lomntwana u-Kamohelo Msibi.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/15hcWWnwpo/
0 Comments