Kuboshwe indodana eneminyaka engu-39 ubudala ngokugwaza ibulale unina
Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala waseMamphakathi Village eBolobedu ugwaze wabulala umama wakhe ngommese ngeSonto ebusuku ngezithuba zabo-22:00.
Lomlisa waxabena nentombi yakhe ngesikhathi kungenelela unina olinganiselwa eminyakeni engu-60 ubudala ezama ukubakhuza. Esigamekweni esishaqisayo umlisa wabe esegwaza unina.
Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko, kodwa isikhathi sesihambile, kwathiwa useshonile.
Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala uboshwe ngalobo busuku kulandela ukugwazwa kabuhlungu kukanina.
Amaphoyisa aseBolobedu asiqinisekisile isigameko nokuboshwa. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.
Amaphoyisa acela izakhamuzi ezingaba nolwazi ngalesi sigameko ukuthi zithinte amaphoyisa aseduzane.
0 Comments