Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Ucela usizo umndeni wentombazane yaseBergville ephuma igazi ngamehlo

Ucela usizo umndeni wentombazane efunda uGrade 9 yaseBergville ephuma igazi emehlweni. 

Intombazanyana eneminyaka elishumi nambili eyenza ibanga lesikhombisa yaseBergville endaweni yasesandlwana ibhekene nenkinga yesifo esingaziwa ukuthi siyini futhi sidalwa yini.

Umama wakhe uMaria Hlongwane okhathazekile ubikele intatheli wathi " lento imuqale nje ukuvulwa kwezikole ekhala ngokuthi ubona izithunzi ezincwadini mefunda uphinde angaboni, ngoLwesine wabuya esikoleni esethi akasaboni kuluvindi sabe sesimkhothisa waphuza namaphilisi okuqeda izinhlungu wabe eselala. 

Ekseni uma ngiyomubheka ngamufica amehlo evalile kukhona into emhlophe ngathi ubovu kuhlangene negazi ngokuhamba kwesikhathi kwabe   sekuphuma namahluli egazi khona emehlweni"kuphetha yena.

UMtwana wayiswa emtholampilo kodwa kwabangathi bayayibanga kuze kwabangcono ngoba eseyiswe kumuntu osebenza ngamanzi.

Izolo kuphinde kwaqala phansi emva koku lethelwa umsebenzi wesikole obekumele awenze uthe eqeda kubhala nje wakhala ngokuthi uyasha emehlweni  kwaphoqeleka ukuthi umzali  amuqedelele wona.

Sicela kungaba nosizo kulekelelwe umtwana ukuze ezokhona ukuqhubeka nesikole.


Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1FhEPYQtiW/

Post a Comment

0 Comments