Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

UMakhosazana Ndlovu (29) utholwe eshonile emqashweni abehlala kuwo nomyeni wakhe


UMakhosazana Ndlovu oneminyaka engu-29 ubudala utholwe eshonile emqashweni abehlala kuwo nomyeni wakhe

Ushaqekile umndeni kaNdlovu kulandela ukubulawa kwendodakazi yabo (29)

Ngokombiko, uMakhosazana  Ndlovu oneminyaka engu-29 ubudala utholakale eshonile ngokusa kwanamhlanje. 

Ngokomndeni , uMakhosazana ubekade ehlala nomyeni wakhe , beqashe eMoletsane.

Kuthiwa uma umnikazi womuzi ebona kuthule umnyango ungavulwa kuleligumbi abebekade beqashe kulo  laba ababili , ube eseqala ukukhathazeka  wayobheka ukuthi kwenzekani  , wathola uMakhosazana elele phansi ephuma igazi ngezindlebe nangamakhala  eshonile.

Kulesigameko kusolakala ukuthi ngathi ubanjwe ngobhongwane noma uklinyiwe.

Abosizo lokuqala babiziwe endaweni yesigameko , bafike baqinisekise ukuthi ngempela ushonile.

Ilunga lomndeni uThenjiwe Komanisi uthe bazwe ubuhlungu kakhulu ngalesigameko njengoba uMakhosazana eshiye izingane zakhe ezimbili.

Umndeni unxusa ukuthi umyeni kamufi okusolakala ukuthi akabonwa nangokhalo  okwamanje , eze phambili azoxoxisana nabo ukuze bezokwazi ngokwenzekile kuMakhosazana  .

UKomanisi uthe idokodo livuliwe mayelana naloludaba ukwenzela uphenyo .

Isidumbu sikaMakhosazana sihanjiswe emakhazeni kahulumeni .





Umthombo: https://www.facebook.com/share/19wJpfzh66/

Post a Comment

0 Comments