Iveni yamaphoyisa ishayisane nenye imoto ezimpambanweni zomgwaqo e-Eersterivier, eKapa.
Isakhamuzi sakule ndawo sithi amaphoyisa avame ukushayela budedengu endaweni.
Amaphoyisa aseqale uphenyo ngengozi eyenzeke phakathi kwemoto yamaphoyisa nenye imoto e-Eersterivier, eKapa.
Ingozi yenzeke ekhoneni lika-Hindle Road no-Forest Drive ngoLwesibili zingu-11 February 2025 ngezithuba zabo-3.15 ntambama.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uSergeant Wesley Twigg uthe bayaphenya ngokwenzekile.
“Singakuqinisekisa ukuthi abekho abantu abalimele ababikiwe,” kusho uTwigg.
Ngesikhathi amaphoyisa esaphenya abanye abantu bakule ndawo bathe bayazi ukuthi ngubani odale ingozi.
Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa sithe amapholisa ajwayele ukushayela budedengu endaweni.
“Ngeke sikubalekele ukuthi amaphoyisa amaningi awakwazi ukushayela, futhi siyawabona ezigamekweni ezifana nalezi, uma bengashayisi imizi yabantu adala izingozi emgwaqweni,” kusho isakhamuzi.
Uqhube wathi imoto yamaphoyisa icishe yashayisa imoto yakhe muva nje.
Amaphoyisa acela ongaba nolwazi ngale ngozi ukuthi athinte iCrime Stop ku-08600 10111.
Akekho okubikwe ukuthi ulimele kulengozi.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/15i94LPvoL/?mibextid=Nif5oz
0 Comments