Umufi,ubezokwethula ubufakazi enkantolo ekuseni, udutshulwe amahlandla amane ngabsolwa abangaziwa.
Amaphoyisa athungatha abasolwa ababili abasolwa ngokudubula babulale owesilisa, 27, ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseLenasia ngoLwesibili.
Umufi ubengufakazi ecaleni lokubulala elise-Eldorado Park ebelizoqulwa namuhla.
ULieutenant Colonel Mavela Masondo uthi: "Kubikwa ukuthi umufi ubemi ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi ehlaselwa ngabasolwa ababili abebehlomile bamdubula.Kuthiwa ushonele endaweni yesigameko."
ULt Col Masondo uthi amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni noma ongasiza ekuboshweni kwabasolwa ukuba ashayele esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele ubugebengu ku-08600 10111.
Ulwazi lunganikezwa futhi ngokungaziwa nge-MySAPS App. -
#EzishaqisayoEningizimuAfrika #ezishaqisayo #ezishaqisayoizindaba
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1A4KdyBexT/
0 Comments