Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Isidumbu sowesifazane (41)kanye nendodana yakhe enonyaka (1) zitholwe zigqitshwe emkhukhwini

Isidumbu sowesifazane (41)kanye nendodana yakhe enonyaka (1) zitholwe zigqitshwe emkhukhwini.
Isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala kanye nendodana yakhe enonyaka ubudala zitholwe zigqitshwe emkhukhwini.

 Isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala waseLesotho kanye nendodana yakhe enonyaka ubudala zitholwe zigqitshwe ethuneni elingashoni phakathi emkhukhwini eQalabotjha, kuMasipala Wendawo waseMafube ngomhla zingu-16 kuMasingana 2025, zambiwa ngakusasa, zingu-17 kuMasingana-2025 ngabophiko olukhethekile lwe-SAPS. 

 Isoka lalona wesifazane elidume ngelikaMpho Mokoena, isakhamuzi saseQalabotjha liboshwe ngemuva nje kwesigameko kanti kulindeleke ukuthi livele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseVilliers ukuze lifake isicelo sebheyili namuhla, zingu-21 kuMasingana 2025 lapho umphakathi usuzihlanganisele khona ngaphansi kobuholi be-SANCO ngokubambisana naqembu ezepolitiki asendaweni okuhlanganisa i-EFF ne-ANC azomasha ephikisana nokukhishwa kwebheyili kumsolwa. 

 I-GCIS ihlinzeka ngosizo lwezokuxhumana kule mashi yomphakathi njengoba uhulumeni egxeka futhi eqhubeka nokulwa ne-GBV kanye nobugebengu obuhlobene nalo ezweni lonke.
#izindaba #ezishaqisayoizindaba #ezishaqisayoeningizimuafrika #ezishaqisayo Umthombo: https://www.facebook.com/share/15i8wtJGeb/

Post a Comment

0 Comments