Isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala waseLesotho kanye nendodana yakhe enonyaka ubudala zitholwe zigqitshwe ethuneni elingashoni phakathi emkhukhwini eQalabotjha, kuMasipala Wendawo waseMafube ngomhla zingu-16 kuMasingana 2025, zambiwa ngakusasa, zingu-17 kuMasingana-2025 ngabophiko olukhethekile lwe-SAPS.
Isoka lalona wesifazane elidume ngelikaMpho Mokoena, isakhamuzi saseQalabotjha liboshwe ngemuva nje kwesigameko kanti kulindeleke ukuthi livele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseVilliers ukuze lifake isicelo sebheyili namuhla, zingu-21 kuMasingana 2025 lapho umphakathi usuzihlanganisele khona ngaphansi kobuholi be-SANCO ngokubambisana naqembu ezepolitiki asendaweni okuhlanganisa i-EFF ne-ANC azomasha ephikisana nokukhishwa kwebheyili kumsolwa.












0 Comments