Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuvela kwakhe eNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoMsombuluko zingu-20 kuMasingana, uGogo Maweni uthe uyayethemba inyoka yakhe ukuthi izomkhipha esitokisini ngemuva kokunqatshelwa ibheyili.
UGogo Maweni okuvela ukuthi ukhulelwe amawele, ogamalakhe langempela uMakgotso Lee-Anne Mofokeng, uvele enkantolo kulandela ukuboshwa kwakhe ngeSonto ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza kanye nezinsolo zokubandakanyeka emacaleni amahlanu okubulala angakaxazululwa.
Icala lihlehliselwe uMsombuluko ozayo ukuze afake isicelo sebheyili, inyanga yona isagqunywe esitokisini.
Uboshwe ngeSonto ngesikhathi kwenziwa umkhankaso wokuthungatha umkhondo nokuboshwa ngesigameko sokushaya sango-2019.
Kodwa-ke, umbiko wamaphoyisa usabalele ezinkundleni zokuxhumana, othi ulandelwa wuphiko lwamaphoyisa aseGauteng oluphenya amacala abandayo kanye namalungu ehhovisi lezobunhloli eGauteng.
Lokhu kwabaholela emzini wakhe oseFairlands, eGoli, kodwa watholakala waboshwa eMondeor.
0 Comments