Owezokuxhumana kwa-SAPS Ekurhuleni uKapteni Nelda Sekgobela uchaze ukuthi umama wabiza ingane, kodwa yangaphendula.
Wathi uma ephumela ngaphandle wafica ingane yakhe igwiliza ibheke phansi emanzini.
Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko, kodwa imizamo yokusindisa ingane ayizange iphumelele.
Umakhelwane uthe kubizwe i-ambulensi kahulumeni kodwa ayizange ifike. Ngenxa yalokho, banquma ukubiza i-ambulensi yangasese.
Umholi womphakathi uVictor Khoza uthe baphatheke kabi futhi bashaqekile
ngokwenzekile.
Akuphelanga sikhathi esingakanani ngoJuni nyakenye, izelamani ezimbili ezineminyaka emithathu nemine kule ndawo zasha zangqongqa. Manje, sibhekene nesinye isigameko esibuhlungu esithinta izingane.”
Unxuse abazali ukuthi baqinisekise ukuthi izingane zabo ziphephile futhi zihlale zigadiwe.
Amaphoyisa avule idokodo lophenyo.
Iphephandaba iBenoni City Times livakashele lo mndeni ngoJanuwari 17, kodwa umndeni wangatholakala.
0 Comments