UKhensani Mahlaule, onguthisha waseMuxiyani ngaseGiyani, uvele eNkantolo yeMantshi yaseNkowankowa namhlanje ngoLwesine, Febhuwari 6, ehamba nabazala bakhe abathathu, ebhekene necala lokuhlela ukubulawa ngesihluku komyeni wakhe, uRaymond Themba Mathebula.
UMathebula obefundisa eKremetart eGiyani washiswa kabuhlungu emotweni yakhe ngasesigodini saseMphangani ngoJuni nyakenye. Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kuboshwe abazala bakaKhensani okubikwa ukuthi bazivumela ukuthi baqashwe nguyena ukwenza lobu bugebengu.
Leli qembu belilokhu livela njalo enkantolo selokhu laboshwa. Ngesikhathi begcina ukuqulwa kwecala kakungu mhlaka 15 Januwari 2025, icala lahlehliselwa inamuhla, abasolwa bagqunywe esitokisini kuze kube uFebhuwari 13, 2025, ukuze bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/1DSJ3fFqpv/

0 Comments