Kuqubuke usizi kuThembinkosi Mthembu echaza ukuthi uboshwe iminyaka engu-14 ngecala elingekho.
UThembinkosi ekhuluma ohlelweni lwe-Podcast iHope Revolution uveze ukuthi uboshwe iminyaka engu-14 ebhadla ejele ngezinsolo zokuzama ukudlwengula indodakazi yakhe.
Okwenza asho lokho yingoba wambona umamncane wengane owayephelezele ingane ngesikhathi eboshwa.
Eqhubeka echaza uthi ngesikhathi eboshwa ingane yayisencane ngalesosikhathi futhi ingazi lutho inkantolo yabe isimgweba.
Ngemuva kokuvela ukuthi wayeboshelwe into engekho futhi ingane isikhulile wabe esededelwa, uthi useke wahlangana nendodakazi yakhe baxoxa wayitshela ukuthi uyayixolela futhi usayithanda ubudlelwano bakhe nayo buhle .
Ukhale ngomthetho wakulelizwe ukuthi uhulumeni umelene kakhulu nabantu besilisa, waveza ukuthi maningi amadoda asejele aboshelwe amacala angawazi. Uveze ukuthi phakathi kwakhe nomndeni wase khweni lakhe kusenzima ukuthi baxole ekhaya kubo ngenxa yobuhlungu abuzwa, uthe noma impilo yakhe yamosheka kodwa uNkulunkulu emuhle impilo useyiqale phansi iyahlangana.
Umthombo: @MSIZIsa https://www.facebook.com/share/p/15LmGaJuZV/
0 Comments