Kubanjwe indawo ekhiqiza utshwala ngokungemthetho egaraji lomuzi eMgungundlovu
Okhulumela oKlebe, uWarrant Officer Sibu Ncane, uthi kuzoboshwa abantu maduze kulandela isigameko sokushaqwa kotshwala bomgunyathi ngesikhathi beqhuba umkhankaso ngoLwesihlanu ekuseni eMafakatini, eTaylors Halt, eMgungundlovu. 'UFakazi' wathola ukuthi ukwenziwa kwalobu tshwala ngokungemthetho kwenziwa egaraji lasekhaya.
Imboni yokukhiqiza ngokungemthetho esebenza egaraji lomuzi waseMgungundlovu isikhiqize inqwaba yotshwala obungekho emthethweni, obupakishwe ngophawu lomgunyathi.
OKlebe behlangene namaphoyisa endawo, bagasela endaweni eseMafakatini, eTaylors Halt, ngoLwesihlanu, bevundulula ilabhorethri esezingeni eliphezulu esebenza ngemishini ebiza izigidi zamarandi.
Ngesikhathi amalungu oKlebe, SAPS, Public Order Police, nezinye izinhlaka zipequlula umuzi okhiqiza utshwala, zifice utshwala bufakwe emabhodleleni abhalwe amagama aziwayo.
Baphinde bathola i-ethanol emathangeni amakhulu e-flow-bin nasemishinini ebiza izigidi zamarandi.
Lapho i-Weekend Witness ifika kulo muzi neziphathimandla, abanikazi bawo babengatholakali ndawo. Nokho amaphoyisa anethemba lokuthi bazoboshwa maduze.
Amaphoyisa alunywe indlebe ophikweni lwezobunhloli ekuqaleni kwaleli sonto.
“Siphenye kwaze kwaba siyathola ukuthi nangempela ukhona umuzi owenza lo msebenzi ongekho emthethweni. Sithole ngempumelelo ilabhorethri ekhiqiza utshwala ngokungekho emthethweni emsebenzini ohlangene nezinye izikhungo zomthetho.
Unxuse imiphakathi ukuthi ibike zonke izenzo zobugebengu. “Yekani ukwenza izenzo zobugebengu ezinjalo, kungenjalo sizonibamba,” exwayisa.
USihlalo weVulindlela Community Policing Forum, uQalangaye Zondi, uncome izinhlaka zomthetho ngokusebenza ngokubambisana. “Lokhu kugasela kuzothumela umyalezo oqinile kulabo abacabanga ukuqala amabhizinisi angekho emthethweni.”
Ikhansela lewadi uMnuz Mshushi Ngubane uthe uphoxekile ukuthi kwenzeke lokhu ewadini yakhe futhi ukhathazekile ngokuphepha kwabantu abadla lobu tshwala.
“Uma izinkampani zotshwala ezisemthethweni zikhiqiza utshwala ziba nomthamo othile wotshwala eziwufakayo. Asazi noma laba bantu bebesebenzisa imikhiqizo efanele yini, uma bebengeza amaphesenti afanele kulobu tshwala. Kuyangikhathaza ukuthola ukuthi lokhu bekwenzeka ewadini yami,” kusho uNgubane.
Uphinde wakhuthaza abahlali basewadini yakhe ukuthi babike ubugebengu ngoba lokho kubeka impilo yabo engcupheni. “Umphakathi kumele usebenzisane nathi ukuze izindawo esihlala kuzo ziphephe. Uma singazi ngokwenzeka emiphakathini yethu, ngabe asazi ukuthi kumele singenelele nini.
“Ngiyawazi lo mndeni. Bahlala endlini enhle, ehloniphekile, kodwa bengingazi ukuthi kwenzekani endlini,” kwengeza uNgubane.
Buka ividiyo ngezansi:
Umthombo: https://witness.co.za/news/2025/02/08/watch-hawks-pounce-on-fake-alcohol-lab-in-pmb/?fbclid=IwZXh0bgNhZW0CMTEAAR3lhPO-lCw3HdFV-fmNZGovsOGay_TcMwfERG6ocoTLsHfjTE4V5u4i4vg_aem_iGPsXyw6qxTLahbFaqX4CQ
0 Comments