UThando Sadiki weqe esitokisini enkantolo yaseGoli njengoba ebevele ngecala lokugqekeza nokweba
Iziphathimandla zaseGoli zithungatha umsolwa, u-Onoshana Thando Sadiki,ngemuva kokuthi eqe esitokisini eNkantolo yaseGoli eJeppe.
USadiki, obevele ecaleni elihlobene nokugqekeza nokweba ukwazile ukuvika ezokuphepha wabaleka ngesikhathi kuqhubeka inkantolo.
Abomthetho sebephume umkhankaso wokuthungatha umkhondo wakhe.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCol Dimakatso Nevhuhulwi uthe umsolwa usagcwele amathafa.
“Amaphoyisa amqaphile futhi acela noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma ucingo lweCrime Stop Hotline ku-08600 10111,” kusho uNevhuhulwi.
Buka ividiyo ngezansi:
0 Comments