Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kuboshwe owesilisa (51) owantshontshela ohola impesheni oneminyaka engu-76 ekhaya labadala

Kuboshwe owesilisa (51) owantshontshela ohola impesheni oneminyaka engu-76 ekhaya labadala 

Mhla zingu-12 kuNhlolanja, u-Innocent John Pretorius, 51, waboshwa mayelana namacala okweba aqondiswe kubantu abadala ngemuva kokubaleka izinyanga. 

Ukuboshwa kulandela uphenyo ngesigameko sangoJulayi 2024 lapho kwebiwa khona izinto ezibalulekile kumuntu ohola impesheni oneminyaka engu-76 ohlala ekhaya labadala eBelfast.

UPretorius, obehlinzeka ngezinsiza zokuhlanza kulesi sikhungo, kusolakala ukuthi usebenzise leli thuba ukuntshontshela abahlali abasengozini. 

Iziphathimandla zalivula icala, kodwa umsolwa wakwazi ukubalekela ukuboshwa, wanyamalala kwangatholakala ngisho nomkhondo.

Olunye uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi uPretorius angase amataniswa namacala amaningi okweba emakhaya asebekhulile eBelfast, Middelburg, Howick nasePaulpietersburg. 

Izikhulu zikholelwa ukuthi ziningi izisulu ezingavela njengoba uphenyo lusaqhubeka. 

Mhla zingu-14 kuNhlolanja-2025, u-Pretorius wavela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBelfast eMpumalanga, lapho icala lakhe lahlehliselwa umhla zingu-24 kuNhlolanja wezi-2025. Usagqunywe esitokisini. 

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General (Dr.) Zeph Mkhwanazi, ukuncomile ukuboshwa kwakhe, ekhuthaza umphakathi ukuthi ubike ubugebengu. 

"Ukuboshwa komsolwa kumele kugqugquzele umphakathi ukuthi uqhubeke nokuthembela ohlelweni lwethu lwezobulungiswa. Abantu kufanele bavule amacala uma kwenzeka ubugebengu ukuze kuthi uma kubanjwa umenzi wobubi akwazi ukuthi abekwe icala ngendlela efanele futhi abhekane nengalo yomthetho," usho njalo. 

Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka, iziphathimandla azikunqabi ukuthi aphinde avulelwe umsolwa amacala.



Post a Comment

0 Comments