Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Umama (32) uboshelwe ukulahla ingane yakhe ebisanda kuzalwa emseleni wamanz

 


Umama (32) uboshelwe ukulahla ingane yakhe ebisanda kuzalwa emseleni wamanzi 






Owesifazane waseLesotho oneminyaka engu-32 ubudala uboshwe ngabeReaction Unit South Africa (RUSA) ngemuva kwamahora angu-17 elahle usana lwakhe olusanda kuzalwa emseleni wamanzi eVerulam. 

I-Reaction Officer ebiku-Bike Patrol ku-Wick Street e-Verulam - ithole intombazane ilenga onqenqemeni lomgodi womsele wamanzi, okungamamitha amabili emseleni wamanzi. Ingane yahlengwa yaphuthunyiswa esibhedlela sikahulumeni. 



Izolo ebusuku i-RUSA Operations Centre ilunywe indlebe esikhungweni sezempilo ngokungaziwa ukuthi isithombe sengane esasisabalele sasifana nesosana olubelethwe ngokuhlinzwa. Ukulandela lolu lwazi kanye neminye imikhondo embalwa, abe-RUSA baqala ukulandelela umama. 

Namuhla ekuseni (ngoMsombuluko) abe-RUSA bathole ukuthi ungubani lona wesifazane. Kubikwa ukuthi ungowangaphandle, wathuthela eNingizimu Afrika esuka eNhlokodolobha yaseMaseru eLesotho eminyakeni emibili (2) edlule. Olunye ulwazi olutholakele ukuthi owesifazane ubehlose ukubaleka kuleli. 

AmaReaction Officers avakashele indawo eseHazelmere - KZN futhi athola lo wesifazane ngosizo lwempimpi. Utholwe nepasi elisegameni lomngani wakhe. Egunjini lakhe kutholwe umaki wesibhedlela osegameni lengane.





Post a Comment

0 Comments