Sekunabanye abafana abahlukumeza umphakathi eNanda ngemuva kokubulawa kukaMqobi.
Ngemuva kokubulawa komholi we-West Gang uMnqobi (22) eNanda, KwaZulu-Natal, kwathi ngesikhathi somlindelo wakhe amaphoyisa e-NIU adubula abulala abantu abathathu abebelwa namaphoyisa.
Bakhona nabanye abaphumele obala bathi basazoqhubeka nokugcina uMngqobi.
Kubikwa abafana laba bayingozi kanti baphakathi kweminyaka engu-20 kusiya ku-23.
Kuthiwa laba bafana sebeqalile bahlukumeza umphakathi waseNanda eBhambayi.
Umphakathi ucela uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi angenelele njengoba bezizwa bengaphephile.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/19xrJcMY5v/
0 Comments