Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Sekunelinye iqeqebana labafana eNanda elithi lizoqhubeka lapho uMngqobi egcine khona

Sekunabanye abafana abahlukumeza umphakathi eNanda ngemuva kokubulawa kukaMqobi. 

Ngemuva kokubulawa komholi we-West Gang uMnqobi (22) eNanda, KwaZulu-Natal, kwathi ngesikhathi somlindelo wakhe amaphoyisa e-NIU adubula abulala abantu abathathu abebelwa namaphoyisa.

Bakhona nabanye abaphumele obala bathi basazoqhubeka nokugcina uMngqobi. 

Kubikwa abafana laba bayingozi kanti baphakathi kweminyaka engu-20 kusiya ku-23. 

Kuthiwa laba bafana sebeqalile bahlukumeza umphakathi waseNanda eBhambayi. 

Umphakathi ucela uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi angenelele njengoba bezizwa bengaphephile.



Umthombo: https://www.facebook.com/share/19xrJcMY5v/

Post a Comment

0 Comments