Owesifazane owadayisa ngendodana yakhe eneminyaka emibili-2 ubudala ucela adedelwe ngebheyili, njengoba ekhulelwe amawele, kanti nezimo zasejele aziyivumi impilo yakhe.
UKeneiwe Shalaba ubuyele enkantolo ngoMsombuluko lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
Owesifazane osolwa ngokudayisa indodana yakhe eneminyaka emibili emadodeni angaziwa ngoNovemba nyakenye usenxuse inkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark ukuba imkhulule ngebheyili, wathi ukhulelwe amawele kanti nezimo zasejele aziyivumi impilo yakhe.
UKeneiwe Shalaba uphinde watshela inkantolo ukuthi uzimisele ngokuwaphika amacala okushushumbisa abantu, ukwakha itulo lokugebenga kanye nokuqamba amanga emaphoyiseni.
“Nginezinyanga eziyisishiyagalolunye ngikhulelwe... izimo ejele azivumi. NgoNovemba 15 ngangigula lapho ngisezitokisini. Ngithe uma ngifika esibhedlela eSebokeng ngathola ukuthi ngikhulelwe amawele,” kusho yena.
Egqoke ingubo emnyama nemhlophe, unina wezingane ezintathu obesesitendini, ukuphikile ngesikhathi efaka isicelo sebheyili ukuthi udayise indodana yakhe.
"Ngesikhathi uboshwa bewazi ukuthi ingane yakho ikuphi," kubuza ummeli wakhe uThabelo Tshikaka ngesikhathi kuqulwa icala lebheyili ngoMsombuluko ekuseni.
“Cha,” kuphendula yena.
UShalaba utshele inkantolo ukuthi kumele adedelwe ngebheyili ngoba ezinye izingane zakhe ezimbili zigcinwe yizihlobo futhi akaneme neze ngokuphathwa enye yazo.
Uthe ingane yakhe eneminyaka eyisithupha engaphansi kwesandla sikadadewabo, ibinganakekile.
“Ngiyazisebenza, ngingenisa imali ukuze izingane zihlangabezane nezidingo zazo. Selokhu ngaboshwa, [ingane yakhe] egadwa udadewethu ayiphathwa kahle.
“Ingane ayizitholi izimpahla zokugqoka, imali yesikole ayikhokhi... uyise wengane uveze ukuthi ngeke esanzela lutho. Uma ngidedelwa ngizokwazi ukuzondla izingane,” kusho yena.
UShabala uthe u-anti wakhe ubenakekela ingane yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye eRustenburg.
Umthombo: SowetanLIVE
0 Comments