Bafuna aphumele obala owesilisa obefunwa intshotsho ngamaphoyisa amathathu (3) eSoweto Flying Squad
Abaphathi bamaphoyisa e-SAPS eGauteng bayiqaphele i-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana lapho amaphoyisa esolwa ngokuthi afuna imali yokugwazelwa yisakhamuzi.
Ngokushesha sekuqalwe uphenyo ukuze kuhlonzwe imoto ekule vidiyo futhi kulandelwe nomkhondo wamalungu abeyishayela.
Icala langaphakathi lokuqondiswa kwezigwegwe selivulwelwe la malungu amathathu ahlonziwe eSoweto Flying Squad.
Kucelwa ukuthi isisulu okusolwa ukuthi kuncengwe kuso imali siphumele obala sizovulela amalungu icala lobugebengu ukuze asize ophenyweni kulolu daba.
Umphakathi ukhuthazwa ukuthi uhlale ubika izenzo zenkohlakalo ezisolwa ngamaphoyisa kunombolo yocingo yokulwa nenkohlakalo ethi 0800 701 701 noma ku-IPID.
0 Comments