Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kugxekwe isenzo se-favoritism sokuvumela umsolwa oboshiwe aqatshulwe ngumkakhe ngoba engumlungu

Kugxekwe isenzo samaphoyisa se-favoritism sokuvumela umsolwa oboshiwe ukuthi aqatshulwe ngumkakhe esitokisini samaphoyisa ngoba engumlungu. 

Uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika luyiqaphele i-video eveza izinsolo zokuphathwa ngendlela ekhethwayo-favoritism kanye nokuchema okunikezwe ummangalelwa osesitokisini samaphoyisa. 

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, ummangalelwa okumanje uboshiwe, ubonakala evunyelwe ukuthintana nowakwakhe okungavumelekile. 

Abaphathi be-SAPS bayaphenya ngalesi sigameko kanti izinhlelo zangaphakathi zomnyango ziyaqhubeka mayelana namalungu athintekayo. 

I-SAPS izophinde ithole ukuthi ngabe amalungu asiseshile yini isikhwama somlingani ukuze aqinisekise ukuthi okuqukethwe angeke kusetshenziselwe ukubaleka noma ukubeka izimpilo zabanye engozini. 

Iqiniso lokuthi kuthathwe ividiyo yabasolwa kanye nabasolwa nakho kuyakhathaza njengoba kuphula UMTHETHO WE-POPI

Post a Comment

0 Comments