Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Amaphoyisa agcwele eNanda namuhla njengoba kungcwatshwa uMnqobi Gumede ongumholi weqembu lezigelekeqe



Amaphoyisa aphume ngobuningi bawo ukuzoqinisekisa ukuthula nokuphepha komphakathi  njengoba umholi weqembu lezigelekeqe le-West Gang ebekwa endlini yakhe yokugcina eNanda, eThekwini namuhla. 

Amaphoyisa afike endaweni yaseNanda ekhaya lesigebengu uMnqobi Gumede odutshulwe ngeledlule eVerulem, eThekwini yiNIU ukuzoqinisekisa ukuthi akukho okwenxiwayo olungase kuphume esandleni. 

Amaphoyisa ajutshwe ngumkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nhlanhla Mkhwanazi kanye noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu ukuba azoqinisekisa ukuthi alukho udlame olwenzekayo endaweni njengoba kwaziwa ukuthi izigebengu zivame ukuvulela ngenhlamvu zikhale futhi zikhiphe ilungu leqembu lezigelekeqe eliwile ngendlela enobungozi emphakathini. 

 Amaphoyisa aphinde abeka imigomo emndenini kaMnqobi izolo njengoba bebelungiselela ukumngcwaba ukuthi namuhla kufanele kushaye ihora lesishiyagalolunye-9 ekuseni esengcwatshiwe. 




 Amaphoyisa aphinde anqamula nenkonzo yesikhumbuzo sokumbungaza (after tears).

Buka ividiyo yamaphoyisa ngezansi:



Post a Comment

0 Comments