Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kuboshwe usayitsheni ngokusiza umvukuzi ongekho emthethweni ukuthi adayise igolide

Iphoyisa lase-North West liboshiwe ngokuthatha igolide kuzamazama nokumsiza alidayise.

USayitsheni Krieneels Licho Senyato, (51), uboshwe ngoLwesine wavalelwa ekamu lamaphoyisa e-Stilfontein lapho abesebenza khona.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Adéle Myburgh uthe uSenyato ubanjwe ngemuva kokuthi amaphoyisa asejele ethole imali kuzamazama obesanda kufika ejele lase-Potchefstroom.

“Amalungu e-Provincial Anti-Gang Unit athole ucingo oluvela e-Potchefstroom Correctional Centre ngoLwesihlanu, mhlaka-17 kuMasingana, kubikwa ngemali etholwe kusiboshwa esilethwe kulesi sikhungo ngamalungu ekamu lamaphoyisa e-Stilfontein,” kusho uMyburgh.

Uzamazama waphuma emgodini e-Buffelsfontein Shaft No. 11 ngoMsombuluko, mhlaka-13 kuMasingana, negolide elingatholakalanga kuye ngesikhathi ephuma. Ube esebekwa icala lokumba izimayini ngokungemthetho wavalelwa esiteshini samaphoyisa e-Stilfontein.

“Ngesikhathi esesitokisini ekamu lamaphoyisa e-Stilfontein, leli phoyisa kusolwa ukuthi lacela ukusiza isiboshwa ukuthi sidayise igolide aphinde asithengele izingubo zokugqoka kanye nokudla. Ngemuva kokudayiswa kwegolide, uSenyato wadlulisela imali esele okukholakala ukuthi iyimali yokudayisa igolide, kuzamazama osaboshiwe,” kusho uMyburgh.

Izakhamuzi zendawo zithi uSenyato wayaziwa njengomunye wamaphoyisa akhohlakele kakhulu kulelikamu, esebenzisana nozamazama.

Amaphoyisa aphenya icala futhi abheka nokuziphatha kukaSenyato.

UMajor General Patrick Asaneng uthe amaphoyisa akhohlakele awanayo indawo embuthweni wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS).

USenyato uvele eNkantolo yeMantshi yase-Stilfontein ngoLwesithathu, mhlaka-12 kuNhlolanja, ngamacala enkohlakalo, ukuphula umthetho wezobulungiswa, kanye nokudayisa ngegolide. Uthole ibheyili ka-R1 000 kanti uzobuyela enkantolo ngoLwesihlanu mhla zizine kuMbasa.

Amaphoyisa asathungatha uJames Neo Tshoaeli wase-Lesotho owaziwa ngelikaTiger owaphunyuka ekhishwa emgodini u-Shaft 11 ngenyanga edlule. 

Kuboshwe amaphoyisa amane ngokumsiza eqe.

Umthombo: https://izindaba.scrolla.africa/kuboshwe-iphoyisa-ngokusiza-uzamazama-ukudayisa-igolide/?fbclid=IwY2xjawIdMRVleHRuA2FlbQIxMQABHYbREBhSecfLvHNF_ajJ9csbZruWMrQKq3BtOp6bqirTrcuOaafMX6GAXA_aem_gbTJMZAxs6JfRmjby0TwfA

Post a Comment

0 Comments