Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Abanye abafundi basafundela ngaphansi kwezihlahla esikoleni saseLimpopo ngo-2025



Abafundi baseLimpopo babhekene nezimo ezinzima njengoba izikole eziminyene zingenawo amakilasi, okuphoqe ukuthi izifundo zezibalo nesayensi ziqhutshelwe ngaphandle, ngaphansi kwesihlala.

 Yize sekuphele amashumi amathathu eminyaka kubusa intando yeningi, abanye abafundi baseLimpopo basafunda ngaphansi kwezihlahla ngenxa yokushoda kwengqalasizinda.

Lesi sigameko esishaqisayo senzeka eMuvhavha Secondary School esigodini saseTswinga, ngaphandle nje kwaseThohoyandou, lapho uGrade 10, 11, kanye namakilasi angu-12 ezibalo nesayensi bekufundwa khona ngaphandle.

USihlalo weSchool Governing Body (SGB) uThomas Mudzusi uzwakalise ukuphatheka kabi, wathi nakuba uMnyango wezeMfundo ewuncenga kaningi, isikole sisabhekene nenkinga yokushoda kwamakilasi, othisha nengqalasizinda. “Abafundi bethu basaqhubeka nokuthola imiphumela ka-matric encomekayo njengoba izinga lokuphasa linyuke lisuka ku-87.1% ngo-2023 laya ku-96.2% ngo-2024, nokho uMnyango ulindele imiphumela emihle ngaphandle kokutshala imali ezimweni ezifanele zokufunda,” usho kanje.

Ugcizelele isidingo esiphuthumayo sokwakhiwa kwamakilasi angomahamba nendlwana, azohlinzeka ngendawo yokufunda ekahle kunokuqhuba izifundo ngaphansi kwezihlahla.

UNobhala we-SGB kuzwelonke, uMnuz Matakanye Matakanye, uthe lesi simo asemukelekile. “Kuyadabukisa ukuthi ngemuva kweminyaka engu-30 kwabuswa intando yabantu, abafundi basaphoqeleka ukuthi bafundele ngaphansi kwezihlahla. Lo mkhuba oyichilo awukwazi ukuqhubeka. Kumele izikhulu zivuke zithathe izinyathelo,” usho kanje.

UMatakanye uqhube wathi imali okuhloswe ngayo ukuthuthukisa ingqalasizinda yezemfundo isetshenziswa budedengu. “Uma lolu daba lungabhekwa, sizoludlulisela kuNgqongqoshe wezeMfundo,” exwayisa.

I-DA eLimpopo isibhalele uNgqongqoshe wezeMfundo uMavhungu Lerule-Ramakhanya, inxusa ukuthi bangenelele ngokushesha. Okhulumela iDA wezeMfundo eLimpopo, uJacques Smalle, ubalule isimo esinzima esikoleni iMuvhavha Secondary School, esinabafundi abangaphezu kuka-600 kodwa esingenawo amakilasi anele.

“Indaba yokugcwala, ukuwohloka kwengqalasizinda kanye nokushoda kothisha njengoba kunothisha abangu-13 kuphela esikhundleni salabo abadingekayo abangu-17,” usho kanje.

USmalle ugcizelele isidingo esiphuthumayo samakilasi angomahamba nendlwana ukuze kuvikelwe abafundi esimweni sezulu esibi. “UMnyango wezeMfundo uyafeyilisa abafundi nothisha ngokungafezi umsebenzi wawo wokunikeza indawo ekahle yokufunda. Ayikho ingane okumele ifundele ngaphansi kwesihlahla,” usho kanje.

Eziphendulela, okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Mike Maringa, uluvumile lolu daba, wathi amagumbi okufundela angomahamba nendlwana asethengiwe kodwa ayiswa ezikoleni ezikhahlanyezwe yiziphepho zakamuva. Ukucacisile ukuthi amakilasi ezibalo nesayensi kuphela ashodayo nokuthi abafundi basebenzisa izindawo ezingaphandle ngalezo zikhathi kuphela. Nokho ukuqinisekisile ukuthi ngoFebhuwari kuzolethwa amakilasi angomahamba nendlwana amathathu esikoleni.

Post a Comment

0 Comments