U-Ayabonga Mjilo (23) ugcine ukubonakala ngosuku olwandulela uKhisimusi
UKHATHAZEKILE umndeni wakwaMjilo, eHlokozi, eHighflats ngendodakazi yawo uNkk Ayabonga Mjilo (23) ogcine ukubonakala ngosuku olwandulela uKhisimusi.
ILANGA liphinde labika ngoMsombuluko ngokuduka kwale ntokazi okuthiwa igcine ukubonakala endaweni yokudla eMhlanga Rocks, eThekwini.
Udadewabo ka-Ayabonga, uNksz Zinhle Mjilo, utshele leli phephandaba ukuthi ukhathazekile ngokungaveli komkhondo ngokuduka kukadadewabo ngoba akayena umuntu ochitha isikhathi eside engaxhumani nomndeni wakhe.
“Unengane eneminyaka emine ehlala noyise osekunesikhathi eside ingakhulumi naye, sicela ongaba nolwazi ngokumehlele abikele amaphoyisa, nathi siwabikile emaphoyiseni Greenwood Park, eThekwini,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ucele abangaba nolwazi ngokuduka kuka-Ayabonga ukuthi bathinte amaphoyisa.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/15kzFhTSRY/?mibextid=oFDknk


0 Comments