Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Owesifazane okhulelwe uklinye umngani wakhe wesifazane washona kubangwa ugwayi


Owesifazane okhulelwe uklinye umngani wakhe wesifazane washona kubangwa ugwayi

Kuboshwe owesifazane okhulelwe ngecala lokubulala umngani wakhe wesifazane kubangwa ugwayi.

Umsolwa wesifazane oneminyaka engu-42 ubudala okhulelwe uboshwe esiteshini samaphoyisa e-Ivory Park, kulandela isigameko esishaqisayo lapho eklinye khona owesifazane,oneminyaka engu-48 ubudala, umngani wakhe washona e-Ivory Park (Ema7).

Isidumbu sikaFikile Nkosi sitholwe phezu kombhede lapho bebezipholele khona befuna iziphuzo. 

Kusolwa ukuthi bekunengxabano kagwayi. 

Abezimo eziphuthumayo kanye nabezomthetho babizelwe endaweni yesigameko.

Umufi uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko ngesikhathi abosizo lokuqala befika.


Umthombo: https://www.facebook.com/share/v/18GEmdQebC/?mibextid=oFDknk

Post a Comment

0 Comments