Owesifazane (26) udutshulwe wabulawa esangweni esanda kuphuma endlini.
Ngokwemibiko, uSihle Mbatha oneminyaka engu-26 ubudala waseNquthu KwaZulu-Natal, uthe ephuma endlini ekuseni eya emsebenzini, ngesikhathi esesangweni kwaqhamuka imoto, kwaphuma owesilisa ephethe isibhamu wamdubula amahlandla amaningi washona.
Ngemuva kokudubula lomlisa ubaleke wangena emotweni, washaya wachitha nabanye ngemoto.
Lesi sigameko senzeke endaweni yaseVosloorus eGoli lapho kuhlala khona lo wesifazane ngenxa yomsebenzi.
Umthombo: https://www.facebook.com/share/p/19rvnszYtF/
0 Comments