Esigamekweni esixakile uMnyango wezabaSebenzi uphoqeleke ukuthi uvale indawo yokugcina izidumbu, lokhu kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi adla izidumbu.
Kuvalwe amakhaza aseNew Brighton lapho laoho izidumbu bezidliwa khona ngamagundane, ngosizo lomnyango wezabaSebenzi.
Udaba lwesimo esingesihle emakhazeni lwadalulwa okokuqala ngo-Ephreli 2024 ngesigameko esishaqisayo esaveza ngesibindi izimo zokusebenza eziyingozi emakhazeni kahulumeni e-Eastern Cape.
Kulawa makhaza ambalwa okubi kakhulu okushiwo ukuthi yiNew Brighton Forensic Pathology Services Laboratory futhi manje ngoJanuwari 2025 okuyizinyanga eziyisishiyagalolunye impela kamuva, uMnyango Wezabasebenzi usufinyelele esinqumweni esiwujuqu nesinzima sokuyivala njengoba besekuyindawo yokusebenza engaphephile .
Isikhungo saseNew Brighton besesigcwele ngokweqile okuholele ekutheni ezinye izidumbu zisale zidindilize phansi kanti lokhu kwenza ukuthi amagundane adle kalula izidumbu .
Umthombo: https://www.dailymaverick.co.za/article/2025-01-29-labour-department-shuts-down-new-brighton-mortuary-where-rats-were-eating-bodies
0 Comments