Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Kushone oyedwa kwalimala ababili ngesikhathi izinkabi zidubula ilungu leNkatha eNewcastle

Kushone oyedwa kwalimala ababili ngesikhathi izinkabi zidubula ilungu leNkatha eNewcastle 

Usashaqekile umphakathi waseLister Farm ngasesitolo sakwaJobe kulandela ukudutshulwa kukaThembela Thwala obeyisishoshovu seNkatha Freedom Party endaweni.

Ngokusho komthombo ohlala kule ndawo, kusolakala ukuthi ubebuya kolanda intombi yakhe ngezithuba zabo-9:30 ebusuku. bezwe kuqhuma isibhamu okumbalwa kwase kuthulekile. Kubikwa ukuthi izinsizwa ebezizohlasela uThembela bezimlindile esangweni kwathi uma ethi uzongena zamhlasela. Kulapho-ke kwaba nempi enzima phakathi kukaThembela nezinkabi kwadutshulwa inkabi eyodwa, kwalimala ababili kwalimala uThembela. 

Amaphoyisa agcine efikile endaweni yesigameko abalimele baphuthunyiswa esibhedlela. Kubikwa ukuthi isidumbu senkabi besidindilize ngaphandle kwaze kwacishe kwasa. Amalungu omphakathi asitshele ukuthi sibathuse kakhulu lesi sigameko kanye nabaqondisi abebengakwenza lokhu ngoba bayabethemba abantu njengoba bejwayele ukubazisa ngamathuba emisebenzi akhona nezinhlelo zentuthuko ezithinta bona.

Ngokombiko esiwutholile, inkabi eyodwa ibaleke yashiya ezinye zilimele zisagcwele amathafa.




Umthombo: LIT RADIO ZA 

Post a Comment

0 Comments