Lona nguRefilwe Seabelo, 35, owayengumabhalane eNtuane Primary School, eNorth West, uboshiwe ngezinsolo zokweba u-R177 000 wemali yesikole.
Kusolwa ukuthi le mali ubeyifake ku-akhawunti yakhe. I-School Governing Body (SGB) ibone ukuthi kukhona okusolisayo ku-akhawunti yesikole yabikela amaphoyisa, nokuholele ekutheni aboshwe izolo.
Uvele enkantolo ngoLwesibili wanikezwa ibheyili ka-R5 000.
Buningi kakhulu ubugebengu obungadingekile eNingizimu Afrika. Hhayi ukuthi kukhona ubugebengu obudingekayo. Kodwa ubani oweba esikoleni?
Zwakalisa ukuphawula kwakho ngaloludaba!
0 Comments