Ticker

10/recent/ticker-posts

Ad Code

Iphoyisa ebelingekho emsebenzini lidutshulwe lashona phambi komuzi walo


Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa


Abasolwa abangaziwa abebehlomile kusolwa ukuthi badubule iphoyisa elisebenzela ophikweni lokwebiwa kwemfuyo nezilwane ezisengozini yokushabalala e-Eastern Cape.

Iphoyisa, 58, lidutshulwe lashona ngezithuba zabo-8.30 ebusuku ngoMgqibelo phambi kwendlu yalo eKwaMabefu ngaphandle kwaseQonce.


Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uLt Colonel Siphokazi Mawisa, uthe imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa futhi bazoba yingxenye yophenyo.


UMawisa uthe ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, akhonjiswe isidumbu sakhe sinenxeba lokudutshulwa. 


“Ngophenyo babone ukuthi akukho okuthathiwe ezimpahleni zakhe nemoto yakhe isendaweni yesigameko. Icala selidluliselwe ophikweni lweDirectorate of Priority Crime and Investigation ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uMawisa.


UKhomishana wamaphoyisa e-Eastern Cape uLt General Nomthetheleli Mene nabaphathi bakhe basigxekile lesi sigameko.

Post a Comment

0 Comments