Owesifazane oneminyaka engu-68 ubudala unyathelwe izindlovu washona eKruger National Park ngempelasonto.
Lo wesifazane uhlonzwe ngoPetronella Margaretha Viljoen (68) odume ngelikaRonel kanti ungowaseBrummeria ePitoli.
Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo odlule eSirheni Bushveld Camp, esiqiwini esisenyakatho neMopane.
Ngokwemibiko yezinye izivakashi ekamu, u-Viljoen ushiye indlu yakhe encane ngezikhathi zantambama eyovakasha wabe esephuma ekamu ngesango.
Umyeni wakhe wabika ukuthi udukile ngesikhathi ebona ukuthi ulahlekile, kanti ngokwesitatimende samaphoyisa, abaqaphi kanye nabasebenzi basesiqiwini baqala ukusesha, isidumbu sakhe satholwa ngabo-11:00.
Amakhamera onogada amthwebule ephuma ngesango lekamu futhi engena emgwaqeni ongenela epaki.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Malesela Ledwaba ukuqinisekisile ukuthi uViljoen wahlangana nezindlovu ngemuva kokuphuma ekamu, okwaholela ekutheni ashone. Uthe ngesikhathi kutholwa isidumbu sakhe, izindlovu bese ziphumile endaweni yesigameko.
ULedwaba ukuqinisekisile ukuthi wonke amalungu omndeni azisiwe ngokushona kukaViljoen nophenyo olumayelana nokushona kwakhe
"Izimo eziqondile zisaphenywa," esho.
Lesi sigameko sibikwe esiteshini samaphoyisa iSaselamani kuMasipala waseCollins Chabane eduze kwaseKruger's Punda Maria Gate.
0 Comments